Wednesday, April 29, 2020

UMTHELA WEZOBUCHWEPHESHE KWEZEMFUNDO Essays -

UMTHELA WEZOBUCHWEPHESHE KWEZEMFUNDO Isicelo ulwazi lwesayensi ngezihlozo ezingo koqobo , ikakhulukazi embonini. Imishini kanye nezicebo zisuka kulwazi lwesayenzi. Ubuchwepheshe bushintsha izindlela esikwenzayo nsuku zonke , isibonelo ; kusukela isikhathi zezincwadi kuma imeyili okusheshayo ; kusukela ukuhamba amabanga amade ukuba ngokushesha ukushayela kuphi noma nini futhi ngwane abuningi noma yinini kumakahlekhukwini. Ziningi izinhlobo zobuchwepheshe esikoleni. Kusukela kumakhalekhukwini kuze kuye ezimotweni . Ubuchwepheshe bukuyo indawo esikoleni. Emaklasini kukhona amakhompyutha asebenziswa otisha , kukhona nama i-Pad nomakhalekhukwini. Kukhona nama air-conditioner emaklasini asetshenziswa uma khushisa noma kubanda kakhulu. Ubuchwepheshe obuningi bukhona esikoleni. Ubuchwepheshe busisiza ngezindlela eziningi ezikoleni. Umakhalekhukwini usisiza ngokuxhumana nabangane bethu esikoleni nabanye othisha. Kuba khona iqembu ku-Whatsapp elisiza abafundi ukuthi kube lula ukuxhumana nabo uma umfundi efuna ukubuza imibuzo ngemisebenzi yesikole. I-khumpyutha isiza abafundi ukuthi benze ucwaningo uma uthisha esho njalo. Iyasiza naku iGoogle-Classroom uma uthisha efuna ukufoka umsebenzi wesikole ozokwenziwa abafundi. Uma sekufika isikhathi sezivivinyo , otisha bafaka imininingwane ku-Google-Classroom ukuze abafundi befundele izivivinyo kahle ukuze benze kahle ezimfundweni zabo. Kukhona namabhasi esikole asihambisa emakhaya aphinde asilethe nasesikoleni. Uma kakhona imidlalo eyenzekayo kwezinye izikele, abafundi bahamba ngama bhasi esikole beyodlala imidlalo. Ubuchwepheshe buyasisiza kakhulu kodwa buyasiphazamisa ngezindlela eziningi. Umakhalekhukwini uyasiphazamisa uma sifunda ekilasini ngoba utisha utschela abafundi badlala imidlalo noma bangene ku - Snapchat babuke amavidyo. Abanye bangena ku - Instagram bebuke izithombe zabantu. Umfundi uma enza ucwamingo kwikhompyutha unuma ku - Youtube bebuke izinto ezinganowo umsebenzi. Lokhu kuphozamisa izifundo nomsebenzi wabafundi. Izimpilo zabafundi zisizakele kakhulu ngenxa yobuchwepheshe. Kuningi esikwenzayo okudinga ubuchwepheshe. Noma bungaba kuhle kanga kaningi, kuzoba nezinto ezingalunganga abafundi ngenxa ubcuhwepheshe. Kubalulekile sibusebenzise ngendlela efanele. Ubuchwepheshe buyohlala bukhona ukwenza ngcono izimpilo zethu. [285]